13 hlanganyelani nabangcwele ekusweleni kwabo, nikhuthalele ukungenisa izihambi.
14 Babusiseni abanizingelayo; busisani, ningaqalekisi.
15 Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.
16 Manibe nhliziyonye; ningazindli okuphakemeyo, kodwa yaneliswani ngokuphansi. Ningazishayi abahlakaniphileyo.
17 Ningaphindiseli muntu okubi ngokubi; nakani okuhle phambi kwabantu bonke;
18 uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke;
19 ningaziphindiseli nina bathandwa, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngokwami ukuphindisela, ngiyakubuyisela mina,” isho iNkosi.