8 Ningabi nacala lani nakubani, kuphela elokuthandana; ngokuba othanda omunye uwugcwalisile umthetho.
9 Ngokuba lokhu ukuthi: “Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafisi,” noma ukhona omunye umyalelo, kuyahlanganiswa kuleli zwi elithi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”
10 Uthando alwenzi okubi kumakhelwane; ngakho-ke uthando lungukugcwaliseka komthetho.
11 Yenzani lokhu, njengokuba nazi isikhathi ukuthi sekuyihora lokuba nivuke ebuthongweni; ngokuba manje insindiso isisondele kithi kunaleso sikhathi esaqala ukukholwa ngaso.
12 Ubusuku sebuyaphela, imini isisondele. Ngakho-ke asilahle imisebenzi yobumnyama, sihlome izikhali zokukhanya.
13 Asihambe ngokufaneleyo njengasemini, kungabi ngokuminza nokudakwa, kungabi ngobufebe namanyala, kungabi ngokuxabana nomhawu;
14 kodwa yembathani iNkosi uJesu Kristu, ninganakekeli inyama kuvuswe izinkanuko.