1 Kepha obuthakathaka ekukholweni mamukeleni, kungabi ngokwahlulela ngezizindlo.
2 Omunye ukholwa ukuthi angadla konke, kepha obuthakathaka udla imifino.
3 Odlayo angamdeleli ongadliyo, ongadliyo angamahluleli odlayo, ngokuba uNkulunkulu umamukele.
4 Ungubani wena owahlulela inceku yomunye na? Kusenkosini yayo ukuma noma ukuwa kwayo; kepha iyakumiswa, ngokuba iNkosi inamandla okuyimisa.