4 Ungubani wena owahlulela inceku yomunye na? Kusenkosini yayo ukuma noma ukuwa kwayo; kepha iyakumiswa, ngokuba iNkosi inamandla okuyimisa.
5 Omunye wazisa olunye usuku kunolunye, omunye wazisa izinsuku zonke; yilowo nalowo akaqiniseke enhliziyweni yakhe.
6 Ohlonipha usuku uluhloniphela iNkosi; nodlayo udlela iNkosi, ngokuba ubonga uNkulunkulu; nongadliyo, akadli ngenxa yeNkosi, ubonga uNkulunkulu.
7 Ngokuba akakho phakathi kwethu oziphilela yena, akakho nozifela yena;
8 ngokuba uma siphila, siphilela iNkosi; uma sifa, sifela iNkosi. Ngakho-ke noma siphila noma sifa, singabeNkosi.
9 Ngokuba ngenxa yalokho uKristu wafa, wabuye waphila ukuba abe yiNkosi yabafileyo neyabaphilayo.
10 Kepha wena umahlulelelani umzalwane wakho na? Futhi umdelelelani umzalwane wakho na? Ngokuba sonke siyakumiswa phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaNkulunkulu.