6 Ohlonipha usuku uluhloniphela iNkosi; nodlayo udlela iNkosi, ngokuba ubonga uNkulunkulu; nongadliyo, akadli ngenxa yeNkosi, ubonga uNkulunkulu.
7 Ngokuba akakho phakathi kwethu oziphilela yena, akakho nozifela yena;
8 ngokuba uma siphila, siphilela iNkosi; uma sifa, sifela iNkosi. Ngakho-ke noma siphila noma sifa, singabeNkosi.
9 Ngokuba ngenxa yalokho uKristu wafa, wabuye waphila ukuba abe yiNkosi yabafileyo neyabaphilayo.
10 Kepha wena umahlulelelani umzalwane wakho na? Futhi umdelelelani umzalwane wakho na? Ngokuba sonke siyakumiswa phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaNkulunkulu.
11 Ngokuba kulotshiwe ukuthi:“ ‘Kuphila kwami,’ isho iNkosi,‘kimina ayakuguqa amadolo onke,nezilimi zonke ziyakudumisa uNkulunkulu.’ ”
12 Ngalokho-ke yilowo nalowo phakathi kwethu uyakuziphendulela kuNkulunkulu.