18 ngokuba angiyikuba nasibindi sokukhuluma lutho ngaphandle kwezinto uKristu azisebenza ngami, kube ngukulalela kwabezizwe, ngezwi nangesenzo,
19 ngamandla ezibonakaliso nezimangaliso, ngamandla kaMoya oNgcwele, njengokuba ngasuka eJerusalema, ngazungeza ngaze ngafika e-Iliriku, ngishumayela ivangeli likaKristu ngokupheleleyo.
20 Kanjalo ngangihlose ukushumayela ivangeli kungabi lapho uKristu waziwa khona, ukuze ngingakhi phezu kwesisekelo somunye,
21 kodwa njengalokho kulotshiwe ukuthi:“Abangabikelwanga ngaye bayakubona,nabangezwanga bayakuqonda.”
22 Ngenxa yalokho ngathiyeka kaningi ukuza kini;
23 kepha manje, lokhu ngingasenandawo kulawa mazwe, futhi sekuyiminyaka eminingi ngilangazelela ukuza kini,
24 ngiyakuza nxa ngiya eSpaniya; ngokuba ngiyethemba ukuthi ekudluleni kwami ngizakunibona, ngikhashwe yinina, nxa ngiya khona, uma sengike nganeliswa yinina;