8 Ngokuba ngithi uKristu waba yisikhonzi sabasokileyo ngenxa yeqiniso likaNkulunkulu, ukuze aqinise izithembiso ezaphiwa okhokho,
9 abezizwe bamdumise uNkulunkulu ngenxa yesihawu sakhe, njengalokho kulotshiwe ukuthi:“Ngalokho ngiyakukudumisa phakathi kwabezizwe,ngihubele igama lakho;”
10 abuye athi:“Jabulani nina bezizwe kanye nesizwe sakhe,”
11 nokuthi:“Dumisani iNkosi nina nonke bezizwe,niyibabaze, nina bantu bonke.”
12 Futhi u-Isaya uthi:“Kuyakuba khona impande kaJesayi,yena oyakuvuka abuse abezizwe;abezizwe bayakwethembela kuye.”
13 UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.
14 Kepha nami ngokwami nganelisiwe ngani bazalwane bami ukuthi nanigcwele ukuva, nigcwalisiwe ngokwazi konke, ninamandla futhi okuyalana.