1 Ngalokho kuyini umJuda adlula abanye ngakho na? Kukho, ukusoka kunokusiza kuni na?
2 Kukhulu ngezindlela zonke. Kuqala ngokuba baphathisiwe amazwi kaNkulunkulu.
3 Kunjani pho? Uma abanye bengakholwanga, ukungakholwa kwabo kuyakwenza ize ukukholeka kukaNkulunkulu na?
4 Qha nakanye; kepha makube ngukuthi: UNkulunkulu uqinisile, wonke umuntu ungumqambimanga, njengokuba kulotshiwe ukuthi:“Ukuze uthiwe ungolungileyo emazwini akho,unqobe ekwahlulelweni kwakho.”
5 Kepha uma ukungalungi kwethu kubonakalisa ukulunga kukaNkulunkulu, siyakuthini na? Imbala uNkulunkulu ungongalungile yini owehlisa ulaka na? Ngikhulumisa okomuntu.
6 Qha nakanye, ngokuba uNkulunkulu uyakulahlulela kanjani izwe, pho, na?
7 Kepha uma iqiniso likaNkulunkulu lavama ngamanga ami, kube yinkazimulo yakhe, ngisahlulelelwani futhi mina njengesoni na?