14 umlomo wabo ugcwele ukuthuka nokubaba;
15 izinyawo zabo zishesha ukuchitha igazi,
16 incithakalo nosizi kusezindleleni zabo,
17 indlela yokuthula abayazi.
18 Ukwesaba uNkulunkulu akukho phambi kwamehlo abo.”
19 Kepha siyazi ukuthi lokhu okushoyo umthetho ukukhuluma kubo abasemthethweni ukuba yonke imilomo ivinjwe, izwe lonke libe necala kuNkulunkulu,
20 ngokuba ngemisebenzi yomthetho akukho nyama eyakulungisiswa phambi kwakhe; ngokuba ngomthetho kukhona ukwazi isono.