18 Ukwesaba uNkulunkulu akukho phambi kwamehlo abo.”
19 Kepha siyazi ukuthi lokhu okushoyo umthetho ukukhuluma kubo abasemthethweni ukuba yonke imilomo ivinjwe, izwe lonke libe necala kuNkulunkulu,
20 ngokuba ngemisebenzi yomthetho akukho nyama eyakulungisiswa phambi kwakhe; ngokuba ngomthetho kukhona ukwazi isono.
21 Kepha manje kubonakalisiwe ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngaphandle komthetho, kufakazelwa ngumthetho nabaprofethi,
22 ngisho ukulunga kukaNkulunkulu ngokukholwa nguJesu Kristu kubo bonke abakholwayo; ngokuba akukho mahluko;
23 ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu;
24 balungisisiwe ngesihle ngomusa wakhe ngokuhlengwa okukuKristu Jesu,