4 Qha nakanye; kepha makube ngukuthi: UNkulunkulu uqinisile, wonke umuntu ungumqambimanga, njengokuba kulotshiwe ukuthi:“Ukuze uthiwe ungolungileyo emazwini akho,unqobe ekwahlulelweni kwakho.”
5 Kepha uma ukungalungi kwethu kubonakalisa ukulunga kukaNkulunkulu, siyakuthini na? Imbala uNkulunkulu ungongalungile yini owehlisa ulaka na? Ngikhulumisa okomuntu.
6 Qha nakanye, ngokuba uNkulunkulu uyakulahlulela kanjani izwe, pho, na?
7 Kepha uma iqiniso likaNkulunkulu lavama ngamanga ami, kube yinkazimulo yakhe, ngisahlulelelwani futhi mina njengesoni na?
8 Kungabi ngukuthi, njengalokhu sihlanjalazwayo nanjengalokhu abanye bathi siyasho ukuthi asenze okubi, ukuze kuvele okuhle na? Ukulahlwa kwabo kubafanele.
9 Kunjani kanti? Siyabadlula na? Qha nakanye, ngokuba bese sibamangalele abaJuda namaGreki ngokuthi bonke baphansi kwesono,
10 njengokuba kulotshiwe ukuthi:“Akakho olungileyo,akakho noyedwa;