8 Kungabi ngukuthi, njengalokhu sihlanjalazwayo nanjengalokhu abanye bathi siyasho ukuthi asenze okubi, ukuze kuvele okuhle na? Ukulahlwa kwabo kubafanele.
9 Kunjani kanti? Siyabadlula na? Qha nakanye, ngokuba bese sibamangalele abaJuda namaGreki ngokuthi bonke baphansi kwesono,
10 njengokuba kulotshiwe ukuthi:“Akakho olungileyo,akakho noyedwa;
11 akakho oqondayo,akakho ofuna uNkulunkulu;
12 bonke baphambukile,baphenduke imbuqa bonkana;akakho owenza okuhle,akakho noyedwa.
13 Umphimbo wabo uyiliba elivulekileyo,ngezilimi zabo bayakhohlisa,isihlungu sezinyoka siphansi kwezindebe zabo;
14 umlomo wabo ugcwele ukuthuka nokubaba;