17 njengokulotshiweyo ukuthi: “Ngikumisile ube nguyise wezizwe eziningi” phambi kwalowo Nkulunkulu akholwa nguye, yena ophilisa abafileyo nobiza okungekho ngokungathi kukhona,
18 owathi kungekho themba wakholwa ngethemba, ukuze abe nguyise wezizwe eziningi, njengalokho okwashiwo ukuthi: “Yoba njalo inzalo yakho;”
19 engabanga buthakathaka ekukholweni wabona umzimba wakhe obusufa, eneminyaka engaba ngeyikhulu, nesizalo sikaSara sifile;
20 akangabazanga ngesithembiso sikaNkulunkulu ngokungakholwa, kodwa waqina ekukholweni, enika uNkulunkulu udumo,
21 eqinisekile ukuthi lokho akwethembisile unamandla nokukwenza.
22 Ngalokho-ke kwabalelwa yena ukuthi kungukulunga.
23 Kepha akulotshwanga ngenxa yakhe yedwa ukuthi kwabalelwa yena,