18 owathi kungekho themba wakholwa ngethemba, ukuze abe nguyise wezizwe eziningi, njengalokho okwashiwo ukuthi: “Yoba njalo inzalo yakho;”
19 engabanga buthakathaka ekukholweni wabona umzimba wakhe obusufa, eneminyaka engaba ngeyikhulu, nesizalo sikaSara sifile;
20 akangabazanga ngesithembiso sikaNkulunkulu ngokungakholwa, kodwa waqina ekukholweni, enika uNkulunkulu udumo,
21 eqinisekile ukuthi lokho akwethembisile unamandla nokukwenza.
22 Ngalokho-ke kwabalelwa yena ukuthi kungukulunga.
23 Kepha akulotshwanga ngenxa yakhe yedwa ukuthi kwabalelwa yena,
24 kodwa nangenxa yethu esiyakubalelwa khona, thina esikholwa nguye owavusa uJesu iNkosi yethu kwabafileyo,