3 Ngokuba umbhalo uthini na? Uthi: “Kepha u-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwambalelwa ukuthi kungukulunga.”
4 Kepha kosebenzayo umvuzo awubalelwa ngokomusa kodwa ngokwemfanelo;
5 kepha kongasebenziyo, kodwa ekholwa nguye olungisisa ongamesabi uNkulunkulu, ukukholwa kwakhe kubalelwa yena ukuthi kungukulunga,
6 njengalokhu noDavide esho ngokubusiswa komuntu uNkulunkulu ambalela ukulunga ngaphandle kwemisebenzi, ethi:
7 “Babusisiwe abathethelelwe izeqo zabo,nabazono zabo zisitshekelwe;
8 ubusisiwe umuntuiNkosi engayikumbalela isono.U-Abrahama wamukeliswa isithembiso ngokukholwa.”
9 Ngakho-ke lokhu kubusiswa kuqondene nabasokile noma nabangasokile na? Ngokuba sithi: Ukukholwa kwabalelwa u-Abrahama ukuthi kungukulunga.