9 Ngakho kakhulu sesilungisisiwe ngegazi lakhe, siyakusindiswa ngaye olakeni.
10 Ngokuba uma sathola ukubuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe sise yizitha, ikakhulu siyakusindiswa ngokuphila kwayo sesitholile ukubuyisana;
11 kepha akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga futhi ngoNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu, esesamukelisiwe ngaye ukubuyisana.
12 Ngakho-ke njengalokho isono sangena ezweni ngamuntu munye, nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwafikela abantu bonke, lokhu bonke bonile;
13 ngokuba isono sasikhona ezweni kungakabikho umthetho, kepha isono asibalelwa ungekho umthetho;
14 nokho ukufa kwabusa kusukela ku-Adamu kwaze kwaba kuMose, naphezu kwabangonanga ngendlela yeseqo sika-Adamu oyisifanekiso sakhe obeyakuza.
15 Kepha isipho somusa asinjengesiphambeko; ngokuba uma ngesiphambeko samuntu munye abaningi bafa, ikakhulu kwavama kwabaningi umusa nesipho sikaNkulunkulu ngomusa wamuntu munye, uJesu Kristu.