1 Ngakho siyakuthini na? Sihlale esonweni, ukuze kuvame umusa na?
2 Qha nakanye. Thina esafa maqondana nesono singabuye sihambe kanjani kuso na?
3 Kumbe anazi yini ukuthi sonke esabhapathizelwa kuKristu Jesu, sabhapathizelwa kukho ukufa kwakhe na?
4 Ngakho sembelwa naye ngokubhapathizelwa kukho ukufa ukuba njengalokho uKristu wavuswa kwabafileyo ngenkazimulo kaYise, kanjalo nathi sihambe ekuphileni okusha.