22 Ngokuba siyazi ukuthi konke okudaliweyo kuyabubula kanyekanye kunezinseka kuze kube manje;
23 akusikho lokho kuphela, kepha nathi uqobo lwethu esinolibo lukaMoya siyabubula phakathi kwethu, silindele isimo sobuntwana, ukukhululwa komzimba wethu.
24 Ngokuba ethembeni sisindisiwe; kepha ithemba elibonwayo alisilo ithemba; ngokuba lokhu umuntu akubonayo usakwethembelani na?
25 Kodwa uma sithemba lokho esingakuboniyo, siyakulindela ngokubekezela.
26 Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu; ngokuba asikwazi esingakucela ngokufaneleyo, kodwa uMoya uqobo usikhulumela ngokububula okungenakuphinyiselwa;
27 kepha yena ohlola izinhliziyo uyakwazi okuqondwa nguMoya, ngokuba ukhulumela abangcwele ngokwentando kaNkulunkulu.
28 Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngecebo lakhe.