12 kungabi ngemisebenzi, kodwa kube ngaye obizayo, kwashiwo kuye ukuthi:“Omkhulu uyakukhonza omncane,”
13 njengalokho kulotshiwe ukuthi:“UJakobe ngamthanda,kepha u-Esawu ngamzonda.”
14 Ngakho siyakuthini na? Kukhona yini ukungalungi kuNkulunkulu na? Qha nakanye.
15 Ngokuba kuMose uthi:“Ngizakumhawukela engimhawukelayo,ngimzwele engimzwelayo.”
16 Ngakho-ke akuyi ngentando nangokuzikhathaza komuntu, kodwa kuya ngokuhawukela kukaNkulunkulu.
17 Ngokuba umbhalo uthi kuFaro: “Ngakuphakhamisela khona lokhu ukuba ngibonakalise amandla ami kuwe nokuba igama lami lishunyayelwe emhlabeni wonke.”
18 Ngakho uhawukela lowo athanda ukumhawukela, umenza lukhuni lowo athanda ukumenza lukhuni.