2 ukuthi nginokudabuka okukhulu nobuhlungu obungapheliyo enhliziyweni yami.
3 Ngokuba ngingafisa ukuba mina uqobo ngibe ngoqalekisiweyo kuKristu ngenxa yabazalwane bami abangabakithi ngokwenyama;
4 bona bangabakwa-Israyeli, okungesabo isimo sobuntwana nenkazimulo, nezivumelwano, nokumiswa komthetho, nenkonzo, nezithembiso,
5 abangababo okhokho avela kubo uKristu ngokwenyama, yena onguNkulunkulu ophezu kwakho konke, obongekayo kuze kube phakade. Amen.
6 Akusikho okungathi izwi likaNkulunkulu liphuthile. Ngokuba asibo bonke abavela ku-Israyeli abangabakwa-Israyeli;
7 nakuba beyinzalo ka-Abrahama, bonke abasibo abantwana, kodwa kuthiwa: “Ngo-Isaka iyakubizwa inzalo yakho.”
8 Lokhu kungukuthi akusibo abantwana benyama abangabantwana bakaNkulunkulu labo, kodwa abantwana besithembiso bathiwa inzalo.