21 Nokuba akanamandla yini umbumbi ebumbeni ukwenza ngesigaxa sisinye isitsha esinye esihloniphekayo nesinye esingahloniphekiyo na?
22 Uma, pho, uNkulunkulu, ethanda ukubonakalisa ulaka nokuveza amandla akhe, wathwala ngokubekezela okukhulu izitsha zolaka ezilungiselwe ukubhujiswa
23 ukuba abonakalise ingcebo yenkazimulo yakhe ezitsheni zomusa ayezilungisele inkazimulo ngaphambili,
24 thina asibizayo nathi, kungesikho kubaJuda kuphela kodwa nakwabezizwe?
25 Njengalokhu esho nakuHoseya ukuthi:“Ngiyakubiza abangesiso isizwe sami ngokuthi isizwe sami,nongathandiwe ngokuthi uthandiwe;
26 nasendaweni lapha kwathiwa kubo:‘Anisibo abantu bami,’lapho bayakubizwa ngokuthi:‘Abantwana bakaNkulunkulu ophilayo.’ ”
27 U-Isaya umemeza ngo-Israyeli, uthi:“Nokuba umumo wabantwana bakwa-Israyeliungangesihlabathi solwandle,yinsali eyakusindiswa,