1 Njengokuba abaningi sebezamile ukulanda ngokuhlelekile ngalezo zindaba ezigcwaliseke phakathi kwethu,
2 njengalokho basinika zona labo ababekhona kwasekuqaleni, bezibonela ngamehlo, beyizikhonzi zezwi,
3 kwasengathi kuhle nakimina, lokhu ngizihlolisisile zonke izinto, kusukela ekuqaleni, ngikulobele ngokulandelana, Theyofilu odumileyo,
4 ukuze wazi ukuqiniseka kwalezo zindaba ozifundisiweyo.
5 Emihleni kaHerode inkosi yaseJudiya kwakukhona umpristi othile ogama lakhe nguZakariya, esigabeni sika-Abiya, nomkakhe engowamadodakazi ka-Aroni, igama lakhe ngu-Elisabethe.