43 Ngehlelwe kanjani yilokhu ukuba unina weNkosi yami ahambele kimi na?
44 Ngokuba bheka, kuthe izwi lokubingelela kwakho lifika ezindlebeni zami, umntwana waxhuma esiswini sami ngokujabula.
45 Ubusisiwe owakholwayo, ngokuba kuzakuba khona ukufezeka kwalokho akutshelwa, kuvela eNkosini.”
46 Wayesethi uMariya:“Umphefumulo wami uyayitusa Nkosi,
47 nomoya wami uyathokoza kuNkulunkulu, uMsindisi wami,
48 ngokuba ubhekile ubuphansi bencekukazi yakhe.Bheka, kusukela manje izizukulwane zonke ziyakuthi ngibusisiwe.
49 Ngokuba uSomandla ungenzeleizinto ezinkulu:igama lakhe lingcwele.