14 Kepha kuyakuba ngcono kulo iTire neSidoni ekwahlulelweni kunakini.
15 Nawe Kapernawume uyakuphakanyiselwa ezulwini na? Uyakwehliselwa eHayidese.*
16 “Onizwayo nina uyangizwa mina; onalayo nina uyangala mina; ongalayo mina uyamala ongithumileyo.”
17 Babuya-ke abangamashumi ayisikhombisa ngokujabula, bathi: “Nkosi, namademoni ayasithobela ngegama lakho.”
18 Wathi kubo: “Ngabona uSathane ewa ezulwini njengonyazi.
19 Bhekani, ngininikile igunya lokunyathela izinyoka nawofezela naphezu kwamandla onke esitha; anisoze noniwa lutho.
20 Nokho ningathokozi ngalokhu kokuthi omoya bayanithobela, kepha thokozani ngokuthi amagama enu alotshiwe ezulwini.”