16 “Onizwayo nina uyangizwa mina; onalayo nina uyangala mina; ongalayo mina uyamala ongithumileyo.”
17 Babuya-ke abangamashumi ayisikhombisa ngokujabula, bathi: “Nkosi, namademoni ayasithobela ngegama lakho.”
18 Wathi kubo: “Ngabona uSathane ewa ezulwini njengonyazi.
19 Bhekani, ngininikile igunya lokunyathela izinyoka nawofezela naphezu kwamandla onke esitha; anisoze noniwa lutho.
20 Nokho ningathokozi ngalokhu kokuthi omoya bayanithobela, kepha thokozani ngokuthi amagama enu alotshiwe ezulwini.”
21 Ngasona leso sikhathi wathokoza ngoMoya oNgcwele, wathi: “Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokho kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, wakwambulela izingane; yebo, Baba, ngokuba kwaba kuhle phambi kwakho ukuba kube njalo.
22 Konke ngikunikelwe nguBaba; akakho owazi ukuthi iNdodana ingubani, kuphela uYise, nokuthi uYise ungubani, kuphela iNdodana nalowo iNdodana ethanda ukumambulela yena.”