26 Wathi kuso: “Kulotshweni emthethweni? Ufunda kanjani?”
27 Saphendula sathi: “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho, nangayo yonke ingqondo yakho, nomakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”
28 Wayesethi kuso: “Uphendule kahle; yenza lokho, uzakuphila.”
29 Kepha sona sithanda ukuzithetha sathi kuJesu: “Umakhelwane wami ngubani na?”
30 UJesu waphendula wathi: “Umuntu othile wehla eJerusalema eya eJeriko; watheleka phakathi kwezigcwelegcwele, zamhlubula izingubo, zamshaya, zamuka zimshiya umndondo nje.
31 Kwaqabuka kwehla umpristi othile ngaleyo ndlela; wathi embona, wamgwemela.
32 Kanjalo nomLevi, efika kuleyo ndawo embona, wamgwemela.