28 Wayesethi kuso: “Uphendule kahle; yenza lokho, uzakuphila.”
29 Kepha sona sithanda ukuzithetha sathi kuJesu: “Umakhelwane wami ngubani na?”
30 UJesu waphendula wathi: “Umuntu othile wehla eJerusalema eya eJeriko; watheleka phakathi kwezigcwelegcwele, zamhlubula izingubo, zamshaya, zamuka zimshiya umndondo nje.
31 Kwaqabuka kwehla umpristi othile ngaleyo ndlela; wathi embona, wamgwemela.
32 Kanjalo nomLevi, efika kuleyo ndawo embona, wamgwemela.
33 Kepha umSamariya othile owayesendleleni wafika kuye; wathi ukuba ambone, wamhawukela;
34 waya kuye, wabopha amanxeba akhe ewathela ngamafutha newayini, wamkhwelisa esilwaneni sakhe, wamusa endlini yezihambi, wamgcina.