31 Kwaqabuka kwehla umpristi othile ngaleyo ndlela; wathi embona, wamgwemela.
32 Kanjalo nomLevi, efika kuleyo ndawo embona, wamgwemela.
33 Kepha umSamariya othile owayesendleleni wafika kuye; wathi ukuba ambone, wamhawukela;
34 waya kuye, wabopha amanxeba akhe ewathela ngamafutha newayini, wamkhwelisa esilwaneni sakhe, wamusa endlini yezihambi, wamgcina.
35 Ngangomuso wakhipha odenariyu* ababili, wabanika umninindlu, wathi kuye: ‘Mgcine, nalokho okwelekelayo ngiyakukubuyisela kuwe ekubuyeni kwami.’
36 “Ngumuphi ngokubona kwakho kulaba abathathu owaba ngumakhelwane wakhe owatheleka phakathi kwezigcwelegcwele na?”
37 Sathi: “Yilowo owamenzela isihawu.”Wayesethi uJesu kuso: “Hamba wenze njalo nawe.”