38 Kwathi ekuhambeni kwabo wangena emzini othile; owesifazane othile, igama lakhe nguMarta, wamamukela endlini yakhe.
39 Wayenodadewabo othiwa nguMariya, owahlala ngasezinyaweni zeNkosi, walizwa izwi layo.
40 Kepha uMarta ekhathazekile ukusebenza okuningi waya kuye, wathi: “Nkosi, awukhathaleli ukuthi udadewethu ungishiyile, ngisebenze ngedwa, na? Ngakho yisho kuye ukuba angisize.”
41 Kepha iNkosi yamphendula yathi: “Marta, Marta, unakekela, ukhathazeka ngezinto eziningi.
42 Kodwa inye into edingekile; uMariya ukhethile isabelo esihle angayikwaphucwa sona.”