6 Kuyakuthi uma kukhona lapho indodana yokuthula, ukuthula kwenu kohlala phezu kwayo; kepha uma kungenjalo, kuzakubuyela kini.
7 Hlalani kuleyo ndlu, nidle, niphuze abanipha khona; ngokuba isisebenzi sifanele inkokhelo yaso. Ningangenisi ezindlini ngezindlu.
8 “Nakumuphi umuzi eningena kuwo, benamukele, yidlani okubekwa phambi kwenu,
9 niphulukise abagulayo abakuwo, nithi kubo: ‘Umbuso kaNkulunkulu usondele kini.’
10 Kepha nakumuphi umuzi eningena kuwo, benganamukeli, phumelani ezitaladini zawo, nithi:
11 ‘Nothuli lomuzi wenu olunamathele ezinyaweni zethu siyaluhlangulela kini; nokho-ke yazini lokhu ukuthi umbuso kaNkulunkulu usondele.’
12 Ngithi kini: Kuyakuba ngcono kwabaseSodoma ngalolo suku kunakulowo muzi.