40 Ziwula, yena owalenza ingaphandle akalenzanga nengaphakathi na?
41 Kepha yiphani okungaphakathi kube yisiphiwo sabampofu, bhekani-ke, kobe kuhlambulukile konke kini.
42 “Kodwa maye kinina baFarisi, ngokuba nithela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokwemifino yonke, ninganaki ukulunga nokumthanda uNkulunkulu! Benimelwe ukwenza lokhu, ningakuyeki nalokho.
43 “Maye kinina baFarisi, ngokuba nithanda izihlalo eziphambili emasinagogeni* nokubingelelwa ezigcawini zokuthengelana!
44 “Maye kinina, ngokuba nifana namathuna angasabonakaliyo, nabantu abahamba ngaphezu kwawo bengawazi!”
45 Wayesephendula omunye wezazimthetho, wathi kuye: “Mfundisi, ngokusho lokho uyasijivaza nathi.”
46 Kepha wathi: “Maye nakinina zazimthetho, ngokuba nithwesa abantu imithwalo ethwaleka kalukhuni! Nina-ke uqobo lwenu aniyithinti leyo mithwalo nangowodwa weminwe yenu.