7 yena-ke ophakathi aphendule athi: ‘Ungangihluphi; sekuvaliwe emnyango, nabantwana bami balele kanye nami; anginakuvuka, ngikunike,’ na?
8 Ngithi kini: Noma engazukuvuka amnike ngokuba engumhlobo wakhe, nokho ngenxa yokukhongisisa kwakhe uyakuvuka amnike konke akudingayo.
9 “Ngithi kini: Celani, niyakuphiwa; funani, niyakufumana; ngqongqothani, niyakuvulelwa.
10 Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uyakuvulelwa.
11 “Ngumuphi kini onguyise, oyakuthi nxa indodana icela inhlanzi, ayinike inyoka esikhundleni senhlanzi;
12 uma icela iqanda, ayinike ufezela, na?
13 Ngakho-ke uma nina eningababi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha abacela kuye uMoya oNgcwele.”