9 “Ngithi kini: Celani, niyakuphiwa; funani, niyakufumana; ngqongqothani, niyakuvulelwa.
10 Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uyakuvulelwa.
11 “Ngumuphi kini onguyise, oyakuthi nxa indodana icela inhlanzi, ayinike inyoka esikhundleni senhlanzi;
12 uma icela iqanda, ayinike ufezela, na?
13 Ngakho-ke uma nina eningababi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha abacela kuye uMoya oNgcwele.”
14 Wakhipha idemoni, laliyisimungulu; kwathi seliphumile idemoni, wakhuluma oyisimungulu; abantu bamangala.
15 Kepha abanye kubo bathi: “Ukhipha amademoni ngoBelzebule umbusi wamademoni.”