23 Ngokuba ukuphila kukhulu kunokudla, nomzimba kunesambatho.
24 Bhekani izingwababana ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azinaxhiba nanqolobane, kepha uNkulunkulu uyazondla; nina nizidlula kakhulu kangakanani izinyoni.
25 Ngumuphi kini ongathi ngokukhathazeka enezele ebudeni bakhe ingalo na?
26 Ngalokho nxa ningenamandla okwenza nokuncinyane, yini ukuba nikhathazeke ngokunye na?
27 “Bhekani iminduze ukuthi imila kanjani; ayiphothi, ayaluki, kepha ngithi kini noSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo.
28 Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, ngomuso buphonswe eziko, kakhulu kangakanani uyakunembathisa nina eninokukholwa okuncane.
29 Nani maningafuni eniyakukudla neniyakukuphuza; ningakhathazeki.