39 Kepha yazini lokhu kokuthi, uma umninindlu ebesazi isikhathi isela elizakufika ngaso, ubengayikuvuma ukuba ifohlwe indlu yakhe.
40 Nani manibe nilungile, ngokuba iNdodana yomuntu iyeza ngesikhathi eningasicabangiyo.”
41 UPetru wayesethi kuye: “Nkosi, usilandisa thina lo mfanekiso nokuba bonke na?”
42 Yayisithi iNkosi: “Ngumuphi-ke umphathi othembekileyo noqondileyo, inkosi yakhe eyakumbeka phezu kwabendlu bayo ukuba abanike isabelo sabo sokudla ngesikhathi sakho?
43 Ibusisiwe leyo nceku okuyakuthi inkosi yayo, nxa ifika, iyifumane yenze njalo.
44 Impela ngithi kini: Iyakuyibeka phezu kwakho konke enakho.
45 Kepha uma leyo nceku ithi enhliziyweni yayo: ‘Inkosi yami ilibele ukufika,’ iqale ukushaya abafana namantombazana, idle, iphuze, idakwe,