46 inkosi yaleyo nceku iyakufika ngosuku engayibhekile ngalo nangomzuzu engawaziyo, iyinqumanqume, iyabele nabangakholekile.
47 “Njalo-ke leyo nceku ebiyazi intando yenkosi yayo ingalungiselanga, ingenzanga ngokwentando yayo, iyakushaywa imivimbo eminingi;
48 kepha ebingazi yenza okufanele imivimbo, iyakushaywa eyingcosana; yilowo nalowo ophiwe okuningi, kuyakubizwa okuningi kuye; nophathiswe okuningi, bayakubiza kuye okungaphezu kwalokho.
49 “Ngize ukuphonsa umlilo emhlabeni; bengifunisisa kangakanani ukuba nga sewokhelwe.
50 Kepha nginombhapathizo engizakubhapathizwa ngawo; ngikhathazekile kanjani, uze ufezeke.
51 Nithi ngize ukuletha ukuthula emhlabeni na? Ngithi kini: Qha, kepha kakhulu ukwahlukana.
52 Ngokuba kusukela manje kuyakuba khona abayisihlanu endlini inye bahlukene, abathathu nababili, ababili nabathathu;