51 Nithi ngize ukuletha ukuthula emhlabeni na? Ngithi kini: Qha, kepha kakhulu ukwahlukana.
52 Ngokuba kusukela manje kuyakuba khona abayisihlanu endlini inye bahlukene, abathathu nababili, ababili nabathathu;
53 bayakwahlukana, uyise nendodana, indodana noyise; unina nendodakazi, indodakazi nonina; uninazala nomalokazana wakhe, umalokazana noninazala.”
54 Wayesethi nakuzo izixuku: “Nxa nibona ifu likhuphuka entshonalanga, masinyane nithi: ‘Iyeza imvula,’ kube njalo.
55 Futhi nxa kuphephetha iningizimu, nithi: ‘Lizakubalela,’ kube njalo.
56 Bazenzisi, niyakwazi ukuchachisa ukuma komhlaba nokwezulu; kepha yini ukuba ningachachisi lesi sikhathi na?
57 “Pho, yini ukuba ninganqumi ngokwenu okulungileyo na?