8 “Sona saphendula, sathi kuye: ‘Nkosi, wuyeke nangalo mnyaka, ngize ngivukuze inhlabathi emaceleni awo, ngiwuthelele umquba;
9 mhlawumbe ungaze uthele ngozayo; kepha uma kungenjalo, wowunquma.’ ”
10 Wayefundisa kwelinye lamasinagoge* ngesabatha.
11 Bheka, kwaba khona owesifazane onomoya wobuthakathaka iminyaka eyishumi nesishiyagalombili, eseqhothile engenakululama nempela.
12 Kwathi uJesu embona, wambiza, wathi kuye: “Mame, ukhululiwe ebuthakathakeni bakho.”
13 Wabeka izandla phezu kwakhe; weluleka khona lapho, wamdumisa uNkulunkulu.
14 Umphathi wesinagoge,* ecunukile ngokuba uJesu ephulukisile ngesabatha, waphendula, wathi kuso isixuku: “Kukhona izinsuku eziyisithupha okufanele ukusetshenzwa ngazo; ngakho-ke anoza ngazo, niphulukiswe, kungabi ngosuku lwesabatha.”