1 Kwathi ekungeneni kwakhe ngesabatha endlini yomunye waba yizikhulu kubaFarisi ukuba adle ukudla, bona uqobo babemqaphele.
2 Bheka, kwavela phambi kwakhe umuntu othile owayenesifo samanzi.
3 UJesu wathatha, wathi kuzo izazimthetho nabaFarisi: “Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha noma qha?”
4 Kepha bathula. Wayesemphatha, wamphulukisa, wammukisa.
5 Wathi kubo: “Ngumuphi kini ongathi indodana noma inkabi iyele emgodini, angayikhiphi masinyane ngosuku lwesabatha, na?”