30 bathi: ‘Lo muntu waqala kabanga namandla okuqeda.’
31 “Noma yiyiphi inkosi eya kwenye inkosi ukuhlaselana nayo engaqali ihlale phansi, ihlole ukuba inamandla yini ukuhlangabezana ngezinkulungwane eziyishumi naleyo eza kuyo, inezinkulungwane ezingamashumi amabili na?
32 Kepha uma kungenzeke, ingathi isekude leyo, ithuma amanxusa, icele okokuthula.
33 Kunjalo-ke yilowo nalowo kini ongavalelisi nakho konke anakho angebe ngumfundi wami.
34 “Usawoti uyinto enhle; kepha uma usawoti edumele, uyakuhlaziywa ngani na?
35 Akasafanele namhlabathi namquba; uyalahlwa nje phandle; onezidlebe zokuzwa makezwe.”