9 eze yena onimeme wena naye, athi: ‘Mdedele lo;’ khona uqale uhlale kwesisenzansi unamahloni.
10 Kepha nxa umenyiwe, hamba uhlale endaweni esenzansi ukuba, nxa efika okumemileyo, athi kuwe: ‘Mhlobo, yenyukela enhla;’ khona uyakuba nodumo phambi kwabo bonke abahlezi nawe ekudleni.
11 Ngokuba oziphakamisayo uzakuthotshiswa; nozithobayo uzakuphakanyiswa.”
12 Wathi nakommemileyo: “Uma wenza isidlo sasemini noma esakusihlwa, ungabizi abahlobo bakho, nabafowenu, nomndeni wakho, nabakhelwane bakho abacebileyo, funa nabo babuye bakumeme, kube khona ukwenanana.
13 Kepha uma wenza isidlo, mema abampofu, nezinyonga, nezimpumputhe;
14 uyakubusiswa-ke, ngokuba bangekwenanisele; uyakwenaniselwa ekuvukeni kwabalungileyo.”
15 Esezwile lokho omunye wababehlezi naye ekudleni, wathi kuye: “Ubusisiwe lowo oyakudla isinkwa embusweni kaNkulunkulu.”