28 “Kepha yathukuthela, kayivumanga ukungena; uyise wayesephuma, wayincenga.
29 Kodwa yaphendula, yathi kuyise: ‘Bheka, iminyaka engaka ngikukhonzile; angizange ngeqe umyalo wakho, kepha mina awuzange ungiphe nazinyane lembuzi ukuba ngijabule nabahlobo bami,
30 kodwa kuthe ukuba ifike leyo ndodana yakho eqede imfuyo yakho nezifebe, wayihlabisa ithole elikhuluphalisiweyo.’
31 “Wayesethi kuyo: ‘Mntanami, wena uhlala nami njalo; konke okwami kungokwakho.
32 Kepha simelwe ukujabula, sithokoze, ngokuba umfowenu lo wayefile, wabuye waphila; wayelahlekile, sewatholakala.’ ”