9 Athi ukuba aluthole, abize abahlobo nabakhelwane, athi: ‘Thokozani nami, ngokuba ngilutholile uhlamvu lwami obelungilahlekele.’
10 Ngithi kini: Kanjalo kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.”
11 Wayesethi: “Umuntu othile wayenamadodana amabili.
12 Encane yawo yayisithi kuyise: ‘Baba, nginike isabelo sefa esiqondene nami;’ wawahlukanisela impahla.
13 “Kwathi emva kwezinsuku ezingeziningi indodana encane yayisibutha konke, yamuka, yaya ezweni elikude, yachitha khona imfuyo yayo ihamba ngokonakala.
14 Isisaphaze konke, kwavela indlala enkulu kulelo zwe; yaqala ukuswela.
15 Yayisiya kukhonza komunye umuntu walelo zwe; yena wayithuma emadlelweni akhe ukuba yaluse izingulube.