9 Nami ngithi kini: Zenzeleni nina abahlobo ngokukaMamona* ongalungile, ukuze kuthi, nxa kuphelile, banamukele ezindlini eziphakade.
10 “Othembekile kokuncinyane uthembekile nakokukhulu; ongalungile kokuncinyane kalungile nakokukhulu.
11 Ngakho uma beningathembeki kokukaMamona* ongalungile, ubani oyakuniphathisa okuyikhonakhona na?
12 Futhi uma beningathembeki kokomunye, ubani oyakuninika okungokwenu na?
13 “Akukho nceku engakhonza amakhosi amabili, ngokuba kokunye iyakuzonda enye, ithande enye, noma ibambelele kwenye, iyeyise enye. Ningeze nakhonza uNkulunkulu noMamona.*”
14 AbaFarisi ababethanda imali bakuzwa konke lokho, bamklolodela.
15 Wayesethi kubo: “Nina ningabazishaya abalungileyo emehlweni abantu; kepha uNkulunkulu uyazazi izinhliziyo zenu, ngokuba lokho okuphakemeyo phakathi kwabantu kuyisinengiso emehlweni kaNkulunkulu.