1 Wangena eJeriko, wadabula khona.
2 Bheka, kwakukhona indoda, igama layo linguZakewu, ingumthelisi omkhulu, icebile.
3 Yayifuna ukumbona uJesu ukuthi ungubani; yahluleka ngenxa yesixuku, ngokuba yayimfushane.
4 Yagijimela phambili, yakhwela emthombeni ukuba imbone, ngokuba ebezakudlula ngakhona.
5 Esefikile uJesu kuleyo ndawo wabheka phezulu, wathi kuyo: “Zakewu, shesha wehle, ngokuba namuhla ngimelwe ukuhlala endlini yakho.”
6 Washesha wehla, wamamukela ngokuthokoza.