23 awufakanga ngani imali yami ebhange,* mina-ke ekufikeni kwami ngabe ngiyibizile kanye nenzalo, na?’
24 “Wayesethi kwababemi khona: ‘Maphuceni umina, nimnike onawomina abayishumi.’
25 “Kepha bathi kuye: ‘Nkosi, unawomina abayishumi.’
26 “Ngithi kini: Yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, kepha ongenakho uyakwaphucwa nalokho anakho.
27 Kodwa lezo zitha zami ezazingathandi ukuba ngibuse phezu kwazo, ziletheni lapha, nizibulale phambi kwami.”
28 Eseshilo lokho waqhubekela phambili, wakhuphukela eJerusalema.
29 Kwathi esondele eBetfage naseBethaniya ngasentabeni ethiwa eYeminqumo, wathuma ababili kubafundi bakhe,