1 Kwathi ngalezo zinsuku kwaphuma isimemezelo kuKesari Awugustu sokuba kubalwe izwe lonke.
2 Lokhu kubalwa kokuqala kwenziwa uKhureniyu engumbusi waseSiriya.
3 Bonke baya kubalwa, yilowo nalowo emzini wakubo.
4 Naye uJosefa wakhuphuka ephuma eGalile emzini waseNazaretha, waya eJudiya emzini kaDavide othiwa iBetlehema, ngokuba wayengowendlu nozalo lukaDavide,