31 oyilungisele ebusweni babantu bonke,
32 ukukhanya kokwambulela abezizwenenkazimulo yesizwe sakho u-Israyeli.”
33 Uyise nonina bamangala ngalokho okukhulunywa ngaye.
34 USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya unina: “Bheka, lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi ku-Israyeli, nesibonakaliso esiphikwayo --
35 yebo, inkemba iyakudabula nowakho umphefumulo -- ukuba kwambulwe izizindlo zezinhliziyo eziningi.”
36 Kwakukhona nomprofethikazi, u-Ana, indodakazi kaFanuweli, owesizwe sika-Aseri; wayesekhulile kakhulu, ebehlalile nendoda iminyaka eyisikhombisa emva kobuntombi bakhe,
37 engumfelokazi waze waba neminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nane, engasuki ethempelini, ekhonza ngokuzila nangokukhuleka ubusuku nemini.