39 Kwathi sebefeze konke okungokomthetho weNkosi babuyela eGalile emzini wakubo iNazaretha.
40 Wakhula umntwana, waba namandla, wagcwala ukuhlakanipha; nomusa kaNkulunkulu wawuphezu kwakhe.
41 Abazali bakhe baya eJerusalema iminyaka yonke ngomkhosi wePhasika.
42 Eseneminyaka eyishumi nambili, bakhuphuka njengokomthetho womkhosi.
43 Sebeziqedile izinsuku, ekubuyeni kwabo, umntwana uJesu wasala eJerusalema, abazali bakhe bengazi.
44 Bethi-ke bona uphakathi kwabahambisana nabo bahamba ibanga losuku, bamfuna phakathi kwezihlobo nabazana nabo.
45 Bengamtholi babuyela eJerusalema, bemfuna.