41 Abazali bakhe baya eJerusalema iminyaka yonke ngomkhosi wePhasika.
42 Eseneminyaka eyishumi nambili, bakhuphuka njengokomthetho womkhosi.
43 Sebeziqedile izinsuku, ekubuyeni kwabo, umntwana uJesu wasala eJerusalema, abazali bakhe bengazi.
44 Bethi-ke bona uphakathi kwabahambisana nabo bahamba ibanga losuku, bamfuna phakathi kwezihlobo nabazana nabo.
45 Bengamtholi babuyela eJerusalema, bemfuna.
46 Kwathi emva kwezinsuku ezintathu bamfumana ethempelini ehlezi phakathi kwabafundisi, ebezwa, ebabuza.
47 Bonke ababemuzwa bamangala ngokuqonda nangokuphendula kwakhe.